bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Luke 13
Luke 13
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 14 →
1
Ngaleso sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.
2
Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?
3
Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.
4
Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?
5
Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”
6
Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.
7
Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’
8
“Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba;
9
mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”
10
Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.
11
Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
12
Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”
13
Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
14
Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”
15
Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?
16
Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”
17
Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.
18
Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na?
19
Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.”
20
Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na?
21
Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”
22
Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema.
23
Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Wathi kubo:
24
“Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.
25
Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’
26
“Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’
27
“Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’
28
“Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.
29
Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.
30
Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.”
31
Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”
32
Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’
33
Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.
34
“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.
35
Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 14 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24