bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Luke 21
Luke 21
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 22 →
1
Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo.
2
Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili;
3
wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke.
4
Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.”
5
Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo:
6
“Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
7
Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?”
8
Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli.
9
Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.”
10
Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso;
11
kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
12
“Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
13
Kuyakunehlela kube ngubufakazi.
14
Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;
15
ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
16
Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.
17
Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.
18
Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.
19
Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.
20
“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.
21
Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo.
22
Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo.
23
Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe.
24
Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.
25
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,
26
abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.
27
Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu.
28
Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”
29
Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke.
30
Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze.
31
Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.
32
“Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke.
33
Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
34
“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,
35
ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.
36
Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”
37
Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo.
38
Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 22 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24