bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Numbers 2
Numbers 2
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 3 →
1
UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2
“Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo ngasebhaneleni* lakhe ngasezibonisweni zezindlu zawoyise; bayakumisa nxazonke maqondana netende lokuhlangana.”
3
Abamisa ngasempumalanga ngasekuphumeni kwelanga bayakuba ngabebhanela* lekamu* lakwaJuda ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaJuda sibe nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
4
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
5
Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Isakare; isikhulu sabantwana bakwa-Isakare siyakuba nguNethaneli indodana kaSuwari;
6
ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
7
Isizwe sakwaZebuloni: isikhulu sabantwana bakwaZebuloni siyakuba ngu-Eliyabe indodana kaHeloni;
8
ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
9
Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
10
Ibhanela* lekamu lakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaRubeni siyakuba ngu-Elisuri indodana kaShedewuri.
11
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
12
Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwaSimeyoni; isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni siyakuba nguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
13
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
14
Nesizwe sakwaGadi: isikhulu sabantwana bakwaGadi siyakuba ngu-Eliyasafa indodana kaRehuweli.
15
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
16
Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
17
Itende lokuhlangana liyakusuka kanye nekamu lamaLevi, liphakathi kwamakamu; njengalokhu bemisa, kanjalo bayakusuka, kube yilowo nalowo muntu endaweni yakhe, ngamabhanela* abo.
18
Ibhanela* lekamu lakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwa-Efrayimi siyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi.
19
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
20
Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
21
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
22
Nesizwe sakwaBenjamini; isikhulu sabantwana bakwaBenjamini siyakuba ngu-Abidani indodana kaGideyoni.
23
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
24
Bonke ababalwayo bekamu lakwa-Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
25
Ibhanela* lekamu lakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; isikhulu sabantwana bakwaDani siyakuba ngu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
27
Abamisa eceleni kwakhe bayakuba yisizwe sakwa-Asheri; isikhulu sabantwana bakwa-Asheri siyakuba nguPagiyeli indodana ka-Okirani.
28
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
29
Nesizwe sakwaNafetali: isikhulu sabantwana bakwaNafetali siyakuba ngu-Ahira indodana ka-Enani.
30
Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
31
Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela* abo.
32
Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
33
Kepha amaLevi ayengabalwa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.
34
Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36