bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Numbers 26
Numbers 26
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 25
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 27 →
1
Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
2
“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”
3
OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi:
4
“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”
5
URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni: kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki; kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
6
kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.
7
Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
8
Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe.
9
Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova;
10
umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.
11
Kepha amadodana kaKora awafanga.
12
Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo: kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli; kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini; kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
13
kwaZera: ngumndeni wakwaZera; kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.
14
Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.
15
Amadodana kaGadi ngemindeni yawo: kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni; kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi; kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
16
kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini; kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
17
kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi; kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.
18
Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
19
Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani.
20
Amadodana kaJuda ngemindeni yawo: kwaShela: ngumndeni wakwaShela; kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi; kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
21
Amadodana kaPheresi: kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi; kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.
22
Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.
23
Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo: kwaThola: ngumndeni wakwaThola; kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
24
kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi; kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.
25
Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.
26
Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo: kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi; kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni; kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.
27
Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.
28
Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.
29
Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
30
Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
31
kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli; kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
32
kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida; kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
33
USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.
34
Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.
35
Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo: kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela; kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri; kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
36
Lawa angamadodana kaShuthela: kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.
37
Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.
38
Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo: kwaBela: ngumndeni wakwaBela; kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli; kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
39
kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu; kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
40
Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani; kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida; kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.
41
Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.
42
Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo: kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo.
43
Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.
44
Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo: kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna; kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi; kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
45
Kumadodana kaBeriya: kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere; kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
46
Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.
47
Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
48
Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo: kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli; kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
49
kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.
50
Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.
51
Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.
52
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
53
“Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.
54
Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.
55
Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.
56
Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”
57
Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
58
Nansi imindeni yamaLevi: ngumndeni wakwaLibini, nomndeni wakwaHebroni, nomndeni wakwaMaheli, nomndeni wakwaMushi, nomndeni wakwaKora. UKohati wazala u-Amramu.
59
Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo.
60
U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
61
ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.
62
Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
63
Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
64
Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi.
65
Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
← Chapter 25
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 27 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36