bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Romans 4
Romans 4
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 5 →
1
Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na?
2
Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha.
3
Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.”
4
Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo;
5
kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga,
6
njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:
7
“Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe;
8
ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.”
9
Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga.
10
Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki.
11
Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,
12
futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kepha nowabo abahamba emkhondweni wokukholwa ubaba u-Abrahama ayenakho engakasoki.
13
Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.
14
Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho;
15
ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa.
16
Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke,
17
njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngikumisile ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona,
18
owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;”
19
engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile;
20
akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,
21
eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.
22
Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga.
23
Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena,
24
kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo,
25
owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16