bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Romans 5
Romans 5
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 6 →
1
Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,
2
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
3
Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,
4
ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba;
5
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
6
Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo;
7
ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle;
8
kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
9
Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.
10
Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana;
11
kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.
12
Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;
13
ngokuba isono sasikhona ezweni kungakabikho umthetho, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho;
14
nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika-Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza.
15
Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
16
Isipho asinjengokona kwalowo emunye, ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa, isipho somusa sona-ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa.
17
Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.
18
Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke;
19
ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.
20
Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,
21
ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16