bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Song of Solomon 1
Song of Solomon 1
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 2 →
1
Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.
2
Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.
3
Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.
4
Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.
5
Ngimnyama, kepha ngimuhle, madodakazi aseJerusalema, njengamatende akwaKedari, njengezilenge zikaSolomoni.
6
Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga.
7
Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami ukuthi waluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini, ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na?
8
Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.
9
Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.
10
Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.
11
Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva.
12
Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo inadi* lami lathaphuka iphunga lalo.
13
Othandiweyo wami ungumshuqulu wemure* kimi, olele phakathi kwamabele ami.
14
Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena* ezivinini zase-Eni Gedi.
15
Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba.
16
Bheka, umuhle, othandiweyo wami! Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.
17
Imishayo yendlu yethu iyimisedari,* nemiqhadi iyimisayipuresi.*
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8