bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Song of Solomon 6
Song of Solomon 6
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 7 →
1
Othandiweyo wakho uyephi, wena muhlekazi phakathi kwabesifazane; ushonephi othandiweyo wakho ukuba simfune kanye nawe na?
2
Othandiweyo wami wehlele ensimini yakhe, ezindimeni zamakha, ukuba aluse ensimini, akhe iminduze.
3
Mina ngingowothandiweyo wami, nothandiweyo wami ungowami, lapho alusa phakathi kweminduze.
4
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
5
Susa amehlo akho kimi, ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.
6
Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi ezikhuphuka zigeziwe, zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.
7
Izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.
8
Amakhosikazi angamashumi ayisithupha, nezancinza zingamashumi ayisishiyagalombili, nezintombi azinakubalwa.
9
Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.
10
Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?
11
Ngehlela ensimini yamantongomane ukuyobona uhlaza lwesigodi, nokubona uma imivini iqhakazile, namapomegranati* uma ekhahlele.
12
Ngingakakwazi ukulangazela kwami kwangibeka enqoleni yabantu benkosana yami.
13
Phenduka, phenduka, mShulamiti! Phenduka, phenduka ukuba sikubuke! Nibonani kumShulamiti? Kunjengokusina kwaseMahanayimi.
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 7 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8