bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Zechariah 10
Zechariah 10
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 11 →
1
Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva, uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula, yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.
2
Ngokuba amatherafi* akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.
3
“Intukuthelo yami ivuthele abelusi; ngiyakujezisa izimpongo, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.
4
Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi, kuyena isikhonkwane, kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.
5
Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.
6
“Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo, babe kungathi angizange ngibalahle, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.
7
U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
8
Ngiyakubahlabela ikhwelo, ngibabuthe, ngokuba ngibahlengile; bayakwanda njengalokho kade banda.
9
Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu, bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye.
10
Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe, ngibabuthe e-Asiriya, ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni, abayikutholelwa indawo.
11
Bayakudabula elwandle lokuhlupheka, kushaywe amaza olwandle, nezintwa zonke zeNayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.
12
Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 11 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14