bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Zechariah 11
Zechariah 11
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 12 →
1
Vula iminyango yakho, Lebanoni, ukuba umlilo udle imisedari* yakho.
2
Hhewula, msayipuresi,* ngokuba umsedari* uyawa, ngokuba emihle iyachithwa; hhewulani nina ma-oki* aseBashani, ngokuba ihlathi elingenakudatshulwa liyawa.
3
Izwi lokukhala kwabelusi! ngokuba udumo lwabo luyachithwa; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.
4
Usho kanje uJehova uNkulunkulu wami, uthi: “Yalusa izimvu zokuhlatshwa,
5
ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi: ‘Makabongwe uJehova, ngokuba ngiceba njalo,’ nezibelusi bazo bangazihawukeli.
6
Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni,” usho uJehova, “kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe; bona bayakushaya izwe labo, kepha angiyikubophula esandleni sabo.”
7
Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa, izimvu ezihluphekayo. Ngazithathela izintonga ezimbili, enye ngayibiza ngokuthi uMusa, nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu.
8
Ngabanquma abelusi bobathathu ngenyanga inye, ngokuba umphefumulo wami wadinwa yibo, nganengwa ngumphefumulo wabo.
9
Ngase ngithi: “Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye.”
10
Ngase ngithatha induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngaphule isivumelwano sami engangisenzile nabantu bonke.
11
Saphulwa ngalona lolo suku, bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.
12
Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani.” Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.
13
Wathi kimi uJehova: “Ziphonse kumbumbi,” inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo. Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.
14
Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.
15
UJehova wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula.
16
Ngokuba bheka, ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezaphukileyo, angaboneleli eziphilayo, kepha adle inyama yezikhulupheleyo, adwebule izinselo zazo.
17
“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14