bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Chronicles 12
2 Chronicles 12
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 13 →
1
Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.
2
Kuthe ngonyaka wesihlanu wokubusa kwenkosi uRehobhowamu, kwakhuphukela eJerusalema uShishaki, inkosi yaseGibhithe, ngokuba babephambukile kuSimakade.
3
UShishaki wayenezinqola eziyi-1 200, abamahhashi abayizi-60 000, nokhumbintethe lwabantu abaphuma naye eGibhithe: amaLubhi, amaSuki, namaKhushe.
4
Wayidla imizi yakwaJuda ebiyelweyo, waze wafika naseJerusalema.
5
UShemaya umphrofethi wafika kuRehobhowamu nakubaholi bonke bakwaJuda abebuthene eJerusalema, ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Nina ningifulathele Mina, ngakho-ke nami nginilahlele esandleni sikaShishaki.’ ”
6
Base bezithoba abaholi bakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “USimakade ulungile.”
7
Ngesikhathi uSimakade ebona ukuthi bayazithoba, wathumela izwi kuShemaya, wathi: “Bazithobile; angiyukubabhubhisa, kodwa ngizokubakhulula emveni kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyukwehlela iJerusalema ngesandla sikaShishaki.
8
Nokho bazokuba yizinceku zakhe ukuze bazi umsebenzi wami nomsebenzi wemibuso yezizwe.”
9
UShishaki, inkosi yaseGibhite, wakhuphukela eJerusalema, wathatha ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yasesigodlweni senkosi. Wathatha konke, wathatha nezihlangu zegolide ezazenziwe nguSolomoni.
10
Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abaqapha umnyango wesigodlo senkosi.
11
Kwakuthi njalo lapho inkosi ingena endlini kaSimakade abalindi bayikhaphe beziphethe, bese kuthi kamuva bazibuyisele endlini yabalindi.
12
Ngenkathi uRehobhowamu ezithoba, intukuthelo kaSimakade yasuka kuye, ayibange isambhubhisa nya; kwakusekhona okuhle kwaJuda.
13
Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi.
14
Wenza okubi, akaze ayibhekisa inhliziyo yakhe ekufuneni uSimakade.
15
Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na?
16
URehobhowamu walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa emzini kaDavide. U-Abhiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 13 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36