bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Chronicles 15
2 Chronicles 15
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 16 →
1
UMoya kaNkulunkulu wehlela ku-Azariya, indodana ka-Odedi;
2
u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.
3
Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho.
4
Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane.
5
Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.
6
Isizwe sasicoboshiswa ngesinye isizwe, nomuzi ngomunye umuzi, ngokuba uNkulunkulu wabahlupha ngezinhlupho eziningi.
7
Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”
8
Kwathi ukuba u-Asa awezwe lawo mazwi nesiphrofetho sika-Odedi umphrofethi, waqina idolo, wazisusa izinengiso ezweni lonke kwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ayeyidle kwelezintaba kwa-Efrayimi, wavusa i-althare likaSimakade elaliphambi kompheme kaSimakade.
9
Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.
10
Kwathi ngenyanga yesithathu, ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Asa, babuthana eJerusalema.
11
Ngalolo lusuku bahlabela uSimakade okunye kwempango ababeyidlile; izinkabi ezingama-700 nezimvu eziyizi-7 000.
12
Benza isivumelwano sokumfuna uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo.
13
Bavumelana nangokuthi bonke abangayukumfuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli bayobulawa; noma ngabe bancane noma badala, owesilisa noma owesifazane.
14
Bafunga phambi kukaSimakade ngezwi elikhulu, bakhamuluka ngamacilongo nangemitshingo.
15
Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.
16
U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
17
Kepha izindawo eziphakemeyo akazisusanga kwa-Israyeli, nakuba inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
18
Wabuyisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele; isiliva, igolide, nezitsha.
19
Akuzange kube khona impi, kwaze kwaba ngunyaka wama-35 wokubusa kuka-Asa.
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 16 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36