bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
2 Chronicles 21
2 Chronicles 21
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 22 →
1
UJehoshafathi walaliswa kokho bakhe, wembelwa kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJehorama, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
2
UJehoshafathi wayenabafowabo namadodana. Amadodana akhe kwakungu-Azariya, uJehiyeli, uZakhariya, u-Azariyahu, uMikhayeli noShefathiya; wonke lawa kwakungamadodana enkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafathi.
3
Uyise uJehoshafathi wayebaphe izipho ezinkulu zesiliva, zegolide, nezinto ezinhle kakhulu nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kodwa umbuso wawunika uJehoramu ngoba wayeyizibulo.
4
UJehoramu esemile embusweni kayise waziqinisa impela, wabe esebulala bonke abafowabo ngenkemba, nabathile ababengabaholi kwa-Israyeli.
5
UJehoramu wayeneminyaka engama-32 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
6
Wahamba endleleni yamakhosi akwa-Israyeli njengoba kwenza abendlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi ka-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.
7
Kepha uSimakade akathandanga ukuyibhubhisa indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, wayethe uyakumnika yena nozalo lwakhe isibani, izinsuku zonke.
8
Emihleni yakhe abakwa-Edomi bahlubuka phansi kwesandla sikaJuda, bazibekela eyabo inkosi.
9
UJehoramu wayesewela nezinduna zakhe zonke, nezinqola zakhe zonke, wavuka ebusuku, wababhubhisa abakwa-Edomi ababemzungezile nezinduna zezinqola.
10
U-Edomi wahlubuka phansi kwesandla sabakwaJuda, kuze kube namuhla. Kwase kusuka neLibhina lahlubuka ngaso leso sikhathi, ngokuba wayemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho bakhe.
11
UJehoramu wabuye wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda, waholela ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge, wayenga uJuda.
12
Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,
13
kodwa uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waholela uJuda nabakhileyo eJerusalema ekuphingeni, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, wabuye wabulala abafowenu bendlu kayihlo ababebahle kunawe;
14
ngakho-ke uSimakade uzoshaya ngokushaya okukhulu abantu bakho, amadodana akho, omkakho nayo yonke impahla yakho.
15
Wena uyakwehlelwa yisifo esikhulu, isifo esisezibilini; uyakugula zize izibilini zakho ziphumele ngaphandle usuku nosuku, uze ufe.’ ”
16
USimakade wavusela uJehoramu umoya kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababengamaKhushe;
17
bonke bakhuphuka bayokulwa noJuda, babhodloza bangena khona, bathumba yonke impahla etholakala esigodlweni senkosi, amadodana ayo, nobomkayo, akwasala ndodana kuye, ngaphandle nje kukaJehowahazi owayengomncane emadodaneni akhe.
18
Sekwedlule konke lokho, uSimakade washaya uJehoramu ezibilinini, ngesifo esasingenakwelashwa.
19
Kwathi ngokuhamba kwesikhathi sekuzophela iminyaka emibili, zaqala ukuphuma izibilini zakhe, ngenxa yaleso sifo, wafa ngobukhulu ubuhlungu. Kepha abantu bakhe abazange bamshisele lutho lapho esekhotheme, njengoba babekade beshisela okhokho bakhe.
20
Waqala ukubusa eneminyaka engama-32, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema. Wangcwatshwa engazange akhalelwe muntu. Bamngcwaba emzini kaDavide, kodwa hhayi emadlinzeni amakhosi.
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 22 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36