bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Ecclesiastes 1
Ecclesiastes 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 2 →
1
Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.
2
“Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”
3
Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na?
4
Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade.
5
Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona.
6
Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona.
7
Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona.
8
Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
9
Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga.
10
Ikhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, lokhu kusha?” Empeleni seyake yaba khona emandulo, singakabi bikho.
11
Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule, nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo.
12
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema.
13
Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.
14
Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!
15
Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.
16
Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda.
17
Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.
18
Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12