bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Ecclesiastes 12
Ecclesiastes 12
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
1
Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”
2
Mkhumbule Yena ilanga nokukhanya, nenyanga nezinkanyezi kungakafiphali, lingakahlomi futhi emuva kwemvula.
3
Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza,
4
lapho neminyango ephumela emgwaqweni iyovalwa, nomsindo wesigayo ushayele phansi, abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni, nokuhlabelela kwamadodakazi sekuzwakalela phansi,
5
nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni,
6
ngaphambi kokuba intambo yesiliva igqabuke, kuphahlazeke nesitsha segolide, nokhamba lufele emthonjeni, nesondo lifele emgodini wamanzi,
7
uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.
8
“Yize leze, konke kuyize,” kusho uMshumayeli.
9
Ngaphezu kokuhlakanipha, uMshumayeli wayebuye afundise abantu ukwazi, walinganisa, wacwaninga, wahlela izaga eziningi.
10
UMshumayeli wayefunisisa amazwi athokozisayo, ngobuqotho abhale amazwi aliqiniso.
11
Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.
12
Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.
13
Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14
Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12