bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Ecclesiastes 6
Ecclesiastes 6
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 7 →
1
Ngabona enye into embi phansi komthunzi welanga, futhi ingumthwalo onzima emahlombe abantu.
2
UNkulunkulu umuntu umuphe ingcebo, impahla, nodumo ukuze angesweli lutho alufisayo, kepha uNkulunkulu akamniki amandla okukudla; kufika umfokazi azitike ngakho, lokho kuyize; kungukushaywa kabuhlungu.
3
Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,
4
ngokuba kufikela ezeni, kuye ebumnyameni, ubumnyama buyaligqiba igama lakho.
5
Akulibonanga ilanga, akwazi lutho, kodwa khona kuthola ukuphumula kunaye.
6
Ngisho angaphila iminyaka eyinkulungwane ephindwe kabili, kepha engehlelwa ngokuhle, kanti bonke abayi yini endaweni eyodwa na?
7
Konke umuntu akusebenzelayo kuya emlonyeni wakhe, kodwa akaneliswa.
8
Umuntu ohlakaniphile ungcono ngani koyisiwula na? Umuntu ompofu, okwazi ukuziphatha kahle phambi kwabantu, utholani na?
9
Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.
10
Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.
11
Ngokwanda kwamazwi, kwanda nokuyize, umuntu ngabe ungcono ngani na?
12
Konje ngubani owaziyo ukuthi yini enhle kumuntu ngesikhathi esaphila lezi zinsukwana zempilo yakhe eyize, eyedlula njengethunzi na? Ngubani ongasho kumuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi komthunzi welanga nxa esefile na?
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 7 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12