bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Leviticus 21
Leviticus 21
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 22 →
1
USimakade wathi kuMose: “Yisho kubaphristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabi bikho oyozingcolisa ngokuthinta ofileyo kubantu bakubo,
2
ngaphandle kwesihlobo esisondele kuye, njengonina, uyise, indodana yakhe, indodakazi yakhe, umfowabo,
3
udadewabo, intombi esondelene naye engenandoda, ngoba angazingcolisa ngenxa yayo.
4
Umyeni akayukuzingcolisa phakathi kwezihlobo zakhe; azihlambalaze.
5
“ ‘Abayukuphuca amakhanda abo emaceleni, noma baphuce izilevu emaceleni, abayukugcaba imizimba yabo.
6
Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.
7
“ ‘Abanakuthatha owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, noma owesifazane olahlwe yindoda yakhe, ngokuba umphristi ungcwele kuNkulunkulu wakhe.
8
Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.
9
“ ‘Uma indodakazi yomphristi izingcolisa ngokufeba, ihlambalaza uyise; iyoshiswa ngomlilo.
10
“ ‘Ongumphristi ophakanyisiwe phakathi kwabafowabo, lowo owathelwa ngamafutha okugcoba ekhanda lakhe, wehlukaniswa ukuba embathe izembatho, akayukuwaqhaqha amagoda ekhanda lakhe, noma aklebhule izembatho zakhe,
11
akayukungena lapho kunofileyo khona, akayukuzingcolisa ngisho nangoyise noma unina imbala.
12
Akayukuphuma endaweni engcwele, akayukuyihlambalaza indawo kaNkulunkulu wakhe engcwele, ngokuba ukungcweliswa kwamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe kuphezu kwakhe; nginguSimakade.
13
“ ‘Uyothatha owesifazane oseyintombi, amgane.
14
Akayukuganwa ngumfelokazi noma ngolahlwe yindoda noma owesifazane okhohlakele, nesifebe, kodwa uyothatha intombi phakathi kwabantu bakubo, ibe ngumkakhe.
15
Akayukuyihlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakubo, ngokuba nginguSimakade omngcwelisayo.’ ”
16
USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
17
“Khuluma ku-Aroni uthi: ‘Akukho muntu okhubazekile ozalweni lwakho, ezizukulwaneni zalo, oyakusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.
18
Umuntu okhubazekile akayukusondela: noma oyimpumputhe, noma olunyonga, onekhala elilinyaziwe, nonezitho ezingalingani,
19
noma umuntu ononyawo olwaphukileyo, noma isandla esaphukileyo,
20
onesifumbu, oyisichwe, onomlanga esweni lakhe, onesithembuzane, onomuna, noma okhubazeke emasendeni.
21
Akuyukuba bikho muntu wozalo luka-Aroni, umphristi, oyosondela anikele ngeminikelo yomlilo kuSimakade uma ekhubazekile; akayukusondela anikele ngesinkwa kuNkulunkulu wakhe.
22
Uyakusidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esingcwelengcwele nesingcwele.
23
Akayukungena esihenqweni, noma asondele e-althare, ngokuba ukhubazekile, ukuze angazihlambalazi izindawo zami ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”
24
UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nasemadodaneni akhe, nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli.
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 22 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27