bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Leviticus 27
Leviticus 27
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 26
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
1
USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umuntu enquma ukwenza isithembiso esithile kuSimakade, esiyisilinganiso ngomuntu,
3
isilinganiso ngowesilisa siyakuba: kusukela eminyakeni engama-20 kuya kwengama-60 siyakuba ngamashekeli esiliva angama-50 ngokwesilinganiso seshekeli lasendaweni engcwele.
4
Uma kungowesifazane, isilinganiso kuyakuba ngamashekeli angama-30.
5
Uma kungowesilisa oneminyaka emihlanu kuya kwengama-20, kuyakuba ngokulinganisa kwenu ngowesilisa amashekeli angama-20, kowesifazane amashekeli alishumi.
6
Uma kungowesilisa onenyanga kuya eminyakeni emihlanu, ngokwesilinganiso senu kuyakuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva, owesifazane kube ngamashekeli amathathu esiliva.
7
Uma kungowesilisa oneminyaka engama-60 kuya phezulu kuyakuba ngamashekeli ali-15, uma kungowesifazane kube ngamashekeli alishumi.
8
Kepha uma owethembisayo empofu, uyoyiswa kumphristi, umphristi uyomlinganisela ngokwamandla akhe lowo owenze isithembiso.
9
“ ‘Uma kuyisilwane bazakunikela ngaso kuSimakade, noma yisiphi esinjalo siyakuba ngcwele kuSimakade.
10
Akayukuzishintshanisa, futhi akayukuzenana ngezinye, noma kungaba ngesihle ngesibi, noma ngesibi ngesihle; uma isilwane sinanwa ngesinye isilwane, zombili okungukuthi leso nokwenanwa ngaso ziyakuba ngcwele.
11
Uma kuyisilwane esingcolile okungenikelwe ngaso kuSimakade, isilwane siyakulethwa phambi komphristi,
12
umphristi uyakusihlola ukuze abone noma sihle noma sibi; njengalokho umphristi elinganisile, kuyakuba kanjalo.
13
Kodwa uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho okulinganisiweyo.
14
“ ‘Uma umuntu eyakwehlukanisa indlu yakhe ibe ngcwele kuSimakade, umphristi uyakuyilinganisa ukubona ukuthi yinhle noma yimbi; njengalokhu umphristi eyilinganisile, kuyakuba kanjalo.
15
Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganiswa, bese iba ngeyakhe.
16
“ ‘Uma umuntu engcwelisela uSimakade ingxenye yensimu eyifa lakhe, ukulinganiswa kwayo kuyakuba njengokukhiqiza kwayo, kube ngamashekeli angama-50 esiliva ehomere lebhali.
17
Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela ngonyaka wejubhili, ukulinganisa kwakhe kuyakuma.
18
Kepha uma engcwelisa insimu yakhe ngemuva kwejubhili, umphristi uyombalela imali ngokweminyaka eseleyo kuze kufike unyaka wejubhili, bese kususwa lokho okulinganisiwe.
19
Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganiswa kwayo, bese ibuyela kuye.
20
Kodwa uma engayihlengi insimu yakhe, noma eyithengisele omunye umuntu, akasayukukwazi ukuyihlenga.
21
Lapho insimu isikhululwa ngonyaka wejubhili, njengensimu enikelwe, iyakuba ngcwele kuSimakade; ibe yifa lomphristi.
22
“ ‘Uma umuntu engcwelisa kuSimakade insimu ayithengileyo, okungesiyo ingxenye yefa lakhe,
23
umphristi uyakumbalela isamba sayo kuze kufike unyaka wejubhili, intengo eyakukhokhwa ngalolo lusuku, iyakuba ngcwele kuSimakade.
24
Ngonyaka wejubhili insimu iyakubuyela kulowo eyayithengwe kuye, kulowo eyifa lakhe.
25
Konke ukulinganisa kuyakuba ngokweshekeli lendawo engcwele; amagera angama-20 ayakuba yishekeli.
26
“ ‘Amazibulo ezilwane, njengamazibulo angakaSimakade, awanakungcweliswa muntu; noma ngabe eliyinkabi noma eliyimvu, angakaSimakade.
27
Uma kungelesilwane esingcolileyo, uyakulihlenga ngenkathi lilinganiswa, uyothasisela okwesihlanu kwakho; uma lingahlengwa, kuyakuthengiswa ngalo lapho lilinganiswa.
28
“ ‘Nokho yonke into enikelwe, umuntu ayahlukanisele uSimakade kukho konke anakho, kungaba ngabantu, noma yizilwane, noma yinsimu eyifa lakhe, akuyukuthengiswa, futhi akunakuhlengwa; konke okunikelwe kungcwelengcwele kuSimakade.
29
“ ‘Umuntu oqalekisiweyo phakathi kwabantu akasoze ahlengwa; uyobulawa nokubulawa.
30
“ ‘Konke okweshumi kwezwe, okwembewu noma okwezithelo zemithi yezwe, kungokukaSimakade; kungcwele kuSimakade.
31
Uma umuntu efuna ukuhlenga okuthile kokweshumi kwakhe, uyakuthasisela kukho okwesihlanu kwakho.
32
Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, konke okuyakudlula ngaphansi kwenduku yomelusi kubalwa okweshumi, kuyakuba ngcwele kuSimakade.
33
Akayukukuhlola ukuthi kuhle noma kubi, akayukukwenana ngokunye, kepha uma ngempela ekwenana ngokunye, kona naloko okwenanwa ngakho kuyakuba ngcwele; akuyukuhlengwa.’ ”
34
Le yimiyalo uSimakade ayala ngayo uMose ngabantu bakwa-Israyeli entabeni iSinayi.
← Chapter 26
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27