bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Leviticus 24
Leviticus 24
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 25 →
1
USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zivuthe njalonjalo,
3
ngaphandle kwesihenqo sobufakazi, ethendeni lokuhlangana. U-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kuse. Lokhu kuyoba yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu.
4
Uyakulungisa njalo izibani othini olucwengekileyo, phambi kukaSimakade.
5
“Uyothatha impuphu ecolisekileyo upheke ngayo amaqebelengwane ali-12, iqebelengwane ngalinye libe okubili eshumini.
6
Uyowabeka abe yimigqa emibili, abe yisithupha kulowo nalowo mugqa etafuleni elicwengekileyo, phambi kukaSimakade.
7
Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo kuyo yomibili imigqa, ibe yisikhumbuzo somnikelo wesinkwa, umnikelo womlilo kuSimakade.
8
Amasabatha ngamasabatha, uyakuzihlela njalo phambi kukaSimakade, njengokuzinikela kwabantu bakwa-Israyeli, nanjengesivumelwano esiphakade.
9
Ziyakuba ngezika-Aroni namadodana akhe, bayozidlela endaweni engcwele, ngoba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaSimakade; ngokwesimiso esiphakade.”
10
Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli noyise ongowaseGibhithe yaphuma yaya phakathi kwabakwa-Israyeli. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yaxabana nomuntu wakwa-Israyeli enkanjini.
11
Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.
12
Bayifaka ejele kuze kuphume isinqumo sikaSimakade ukuthi benzenjani ngayo.
13
USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
14
“Mkhiphele ngaphandle kwenkambu lowo muntu othukile. Bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.
15
Uyokhuluma nabantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo oyakuthuka uNkulunkulu wakhe uyakujeziswa ngenxa yesono sakhe.
16
Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.
17
“ ‘Umuntu oshaya omunye aze afe, impela uyobulawa.
18
Oshaya inkomo ize ife uyoyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.
19
Umuntu olimaza omunye, kuyokwenziwa kuye njengalokho naye enzile,
20
kube ngukwaphuka ngokwaphuka, iso ngeso, izinyo ngezinyo; njengalokho elimazile umuntu, kuyokwenziwa kanjalo nakuye.
21
Obulala inkomo, uyoyikhokha; obulala umuntu, uyobulawa.
22
Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
23
UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
← Chapter 23
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 25 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27