bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Revelation 21
Revelation 21
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 22 →
1
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.
2
Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe.
3
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo.
4
Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.”
5
Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”
6
Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
7
Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
8
“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
9
Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa zigcwele izinhlupheko zokugcina eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikukhombise umlobokazi, umakoti weWundlu.”
10
Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu.
11
Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo.
12
Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli.
13
Ngasempumalanga kwakunamasango amathathu, ngasenyakatho kunamasango amathathu, ngaseningizimu kunamasango amathathu, nangasentshonalanga kunamasango amathathu.
14
Ugange lomuzi lwalunezisekelo ezili-12, phezu kwazo kulotshwe amagama abaphostoli beWundlu abali-12.
15
Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo.
16
Umuzi wawunezinhlangothi ezine, ubude bawo bulingana nobubanzi bawo. Wawukala umuzi ngenduku; ubude, ububanzi, nokuphakama kwawo kwakulingana, kungamastadiyu ayizi-12 000.
17
Walukala nogange lwawo, lwalungamakhubhithi ayi-144, ngokulinganisa kwengelosi, okungokwabantu futhi.
18
Ugange nalo lwalwakhiwe ngejasphi, umuzi wenziwe ngegolide elihle elinjengengilazi ecwebezelayo.
19
Izisekelo zogange lomuzi zihlotshiswe ngawo wonke amatshe ayigugu. Isisekelo sokuqala kwakuyijasphi, esesibili kuyisafire, esesithathu kuyikhalkedoni, esesine kuyisimaragidu,
20
esesihlanu kuyisaridonikisi, esesithupha kuyisardiyu, esesikhombisa kuyikhrisolithe, esesishiyagalombili kuyibherile, esesishiyagalolunye kuyithophazi, eseshumi kuyikhrisophrasi, ese-11 kuyihiyakhinte, ese-12 kuyi-amethiste.
21
Amasango ali-12 ayengamapharele ali-12; yilelo nalelo sango ngalinye, laliyipharele elilodwa. Umgwaqo womuzi wawuyigolide elicwengekileyo, elifana nengilazi ekhanyayo.
22
Angilibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uSomandla, iyithempeli lawo kanye neWundlu.
23
Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.
24
Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba alethe kuwo ubukhosi bawo.
25
Amasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyukuba bikho lapho.
26
Bayakuletha kuwo ubukhosi nodumo lwezizwe.
27
Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 22 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22