bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Revelation 6
Revelation 6
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 7 →
1
Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho ngezwi okungathi ngumsindo wokuduma kwezulu, sithi: “Woza!”
2
Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.
3
Kwathi lapho selivula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!”
4
Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu.
5
Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona: nanto ihhashi elimnyama, nogibele kulo ephethe isilinganisi esandleni sakhe.
6
Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.”
7
Kwathi lapho selivula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine, lithi: “Woza!”
8
Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle.
9
Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.
10
Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”
11
Base benikwa, yilowo nalowo ingubo emhlophe, batshelwa ukuthi kusazokuba yisikhashana baphumule, size sipheleliswe isibalo sabayizinceku kanye nabo, nabazalwane babo ababesazobulawa njengabo.
12
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,
13
izinkanyezi esibhakabhakeni zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo angakavuthwa, lapho unyakaziswa ngumoya omkhulu,
14
izulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zazimbulwa ezindaweni zazo.
15
Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba,
16
base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, nasolakeni lweWundlu,
17
ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 7 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22