bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Revelation 5
Revelation 5
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 6 →
1
Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.
2
Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”
3
Kwakungekho namunye ezulwini nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, nokuba nje abuke kuyo.
4
Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuvula leyo ncwadi, nokuba nje abuke kuyo.
5
Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”
6
Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.
7
Yeza, yayithabatha esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi.
8
Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
9
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.
10
Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”
11
Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,
12
zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”
13
Ngase ngizwa zonke izidalwa ezulwini, emhlabeni, phansi komhlaba, nasolwandle, zonke zithi: “KuYena ohleli esihlalweni sobukhosi nakuyo iMvana; makube udumo, inkazimulo, namandla, kuze kube phakade naphakade.”
14
Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22