bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
2 Chronicles 11
2 Chronicles 11
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 12 →
1
URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili, amabutho, ukuba balwe no-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.
2
Lase lifika izwi likaJehova kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi:
3
“Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:
4
‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu.
5
URehobowamu wahlala eJerusalema, wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda.
6
Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,
7
neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu,
8
neGati, neMaresha, neZifi,
9
ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,
10
neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo.
11
Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.
12
Emizini yonke, yileyo naleyo, wabeka izihlangu nemikhonto, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe.
13
Abapristi namaLevi ayekwa-Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke.
14
Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,
15
wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.
16
Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.
17
Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.
18
URehobowamu wazithathela umfazi, uMahalati, indodakazi kaJerimoti indodana kaDavide neka-Abihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese.
19
Wamzalela amadodana: ngoJewushe, noShemariya, noZahamu.
20
Emva kwakhe wathatha uMahakha, indodakazi ka-Abisalomu; wamzalela o-Abiya, no-Athayi, noZiza, noShelomiti.
21
URehobowamu wamthanda uMahakha indodakazi ka-Abisalomu phezu kwabo bonke abafazi bakhe nezancinza zakhe, ngokuba wathatha abafazi abayishumi nesishiyagalombili nezancinza ezingamashumi ayisithupha, wazala amadodana angamashumi amabili nesishiyagalombili namadodakazi angamashumi ayisithupha.
22
URehobowamu wabeka u-Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi.
23
Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini, emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36