bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
2 Chronicles 13
2 Chronicles 13
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 14 →
1
Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu u-Abiya waba yinkosi kwaJuda.
2
Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMikhaya indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu.
3
U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili, bengamaqhawe anamandla.
4
U-Abiya wema entabeni yaseSemarayimi esezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke:
5
Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?
6
Nokho uJerobowamu indodana kaNebati, inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe.
7
Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.
8
“Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.
9
Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.
10
“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;
11
bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.
12
Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”
13
Kepha uJerobowamu wayegwegwesisile abaqamekeli ukuba bafike emuva; babe phambi kukaJuda, abaqamekeli babe semva kwabo.
14
Lapho uJuda esephenduka, bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo.
15
Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.
16
Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.
17
U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.
18
Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
19
U-Abiya wamxosha uJerobowamu, wamaphuca imizi: iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.
20
Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka-Abiya; uJehova wamshaya, wafa.
21
Kepha u-Abiya waba namandla, wazithathela abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.
22
Ezinye izindaba zika-Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 14 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36