bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
2 Chronicles 12
2 Chronicles 12
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 13 →
1
Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.
2
Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova,
3
enezinqola eziyinkulungwane namakhulu amabili, nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu babengenakubalwa abaphuma naye eGibithe: ngamaLubi, namaSuki, namaKushe.
4
Wayithatha imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wafika eJerusalema.
5
Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.’ ”
6
Zase zizithoba izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “UJehova ulungile.”
7
Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba, kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: “Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.
8
Nokho bayakuba yizinceku zakhe ukuba bazi inkonzo yami nenkonzo yemibuso yezizwe.”
9
UShishaki, inkosi yaseGibithe, wakhuphukela eJerusalema, wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.
10
Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.
11
Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, zafika izigijimi zizithwele, zazibuyisela ekamelweni labalindi.
12
Kepha lapho esezithoba, intukuthelo kaJehova yabuya kuye ukuba angamchithi ngokupheleleyo, futhi kwakusekhona nokuhle kwaJuda.
13
Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa-ke eJerusalema yabusa, ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.
14
Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.
15
Izindaba zikaRehobowamu, ezokuqala nezokugcina, angithi zilotshiwe ezindabeni zikaShemaya umprofethi nezika-Ido umboni, zibhalwe ngezizukulwane, na? Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
16
URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 13 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36