bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hosea 1
Hosea 1
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 2 →
1
Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.
2
Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”
3
Wayesehamba, wathatha uGomere indodakazi kaDibilayimi; wakhulelwa, wamzalela indodana.
4
UJehova wathi kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli.
5
Kuyakuthi ngalolo suku ngaphule umnsalo ka-Israyeli esigodini saseJizreyeli.”
6
Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama,* ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele.
7
Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”
8
Esemlumulile uLo Ruhama,* wakhulelwa, wazala indodana.
9
Wayesethi uJehova: “Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami,* ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu.
10
“Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’
11
Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
Recommended Reading
Commentary
Hosea Commentaries
→
Devotional
Hosea Devotional Guide
→
Get This Bible
Zulu (IBHAYIBHELI ELINGCWELE) Study Bible
→