bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hosea 10
Hosea 10
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 11 →
1
U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.
2
Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.
3
Yebo, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; kepha inkosi ingasenzelani na?”
4
Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.
5
Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.
6
Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.
7
Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.
8
Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”
9
“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?
10
Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.
11
U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula amabele; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle; sengiyakumbophela u-Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.
12
Zihlwanyeleleni ngokulunga, niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
13
Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.
14
Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.
15
Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 11 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14