bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hosea 11
Hosea 11
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 12 →
1
“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.
2
Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3
Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4
Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5
“Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?
6
Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7
Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.
8
“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.
9
Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.
10
Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.
11
Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.
12
U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14