bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Jeremiah 41
Jeremiah 41
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 40
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 42 →
1
Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.
2
Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.
3
U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa, namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona.
4
Kwathi ngosuku lwesibili esembulele uGedaliya, kungaziwa muntu,
5
kwafika amadoda angamashumi ayisishiyagalombili evela eShekemi, naseShilo, naseSamariya, izilevu zawo ziphuculiwe nezingubo ziklejuliwe, bezisikile, bephethe iminikelo yempuphu nempepho ezandleni zabo ukuba bakulethe endlini kaJehova.
6
U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubahlangabeza, ehamba ekhala. Kwathi lapho esehlangana nabo, wathi kubo: “Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”
7
Kwathi sebengenile phakathi komuzi, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye.
8
Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku-Ishmayeli, athi: “Ungasibulali, ngokuba sinokolweni, nebhali,* namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle.” Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.
9
Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u-Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.
10
U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.
11
Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwile konke okubi u-Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile,
12
bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni.
13
Kwathi lapho bonke abantu ababe no-Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza.
14
Base bephenduka bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa, babuya, baya kuJohanani indodana kaKhareya.
15
Kepha u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.
16
UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.
17
Bahamba, bahlala endaweni yokuphumula eKimihamu elingaseBetlehema ukuba bahambe, bangene eGibithe
18
ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.
← Chapter 40
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 42 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50
51
52