bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Jeremiah 46
Jeremiah 46
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 45
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 47 →
1
Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngezizwe.
2
NgeGibithe ngempi kaFaro Nekho inkosi yaseGibithe eyayingasemfuleni u-Ewufrathe eKharikemishi, owayinqoba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.
3
“Lungisani amahawu nezihlangu, nisondele empini.
4
Bophelani amahhashi, nikhwele nina bamahhashi, nisuke nime ninezigqoko zempi, niphucuze imikhonto, nembathe amabhantshi ensimbi.
5
Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.
6
“Onejubane makangabaleki naye, kungaphunyuki neqhawe; ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathe bayakhubeka, bawe.
7
“Ngubani lo owenyuka njengeNayile, omanzi akhe agubha njengemifula.
8
IGibithe lenyuka njengeNayile, amanzi alo agubha njengemifula. Lithi: ‘Ngiyakwenyuka, ngisibekele umhlaba; ngiyakuchitha umuzi nabahlala kuwo.’
9
Yenyukani, mahhashi, nihlanye, zinqola, aphume amaqhawe: oKushe noPhuthi ababambe izihlangu, namaLudi abambe ensala umnsalo.
10
Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye. Inkemba iyakudla isuthe, izanelise ngegazi labo, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.
11
“Khuphukela kwaGileyadi, uthathe ibhalisamu,* wena ntombi, ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.
12
Izizwe zizwile ngehlazo lakho, umhlaba ugcwele ukukhala kwakho; ngokuba iqhawe likhubeka ngelinye, awa omabili kanyekanye.”
13
Izwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuza kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ukuchitha izwe laseGibithe.
14
“Yazisani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: ‘Suka ume, uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’
15
Abanamandla bakho bakhukhulelweni na? Abemanga, ngokuba uJehova wabahlohloloza.
16
Wakhubekisa abaningi, yebo, bawa omunye phezu komunye, bathi: ‘Sukani, sibuyele kubantu bakithi nasezweni lokuzalwa kwethu, sisuke enkembeni ecindezelayo.’
17
Bamemeza khona, bathi: ‘UFaro inkosi yaseGibithe ungumsindo, udlulisile isikhathi esimisiweyo.’
18
“Kuphila kwami,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti, “impela njengeThabori phakathi kwezintaba, nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.
19
Zenzele izinto zokuthunjwa, ndodakazi, ohlala eGibithe, ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo, lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.
20
“IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu, kepha kuvela isibawu enyakatho, sesifikile.
21
Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.
22
Ukuhashaza kokuhamba kwalo kunjengokwenyoka; ngokuba bahamba nempi, balifikele bephethe amazembe njengabagawuli bemithi.
23
Bagawula ihlathi lalo,” usho uJehova, “ngokuba alinakuhanjwa, lokhu bebaningi kunesikhonyane, bengenakubalwa.
24
Indodakazi yaseGibithe iyakujabhiswa, inikelwe esandleni sabantu basenyakatho.”
25
UJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, noFaro, neGibithe, nawonkulunkulu balo, namakhosi alo, yebo, uFaro nabamethembayo,
26
ngibanikele esandleni sabafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni sezinceku zakhe, andukuba lakhiwe njengasezinsukwini zasendulo,” usho uJehova.
27
“Kepha ungesabi wena Jakobe, nceku yami, ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.
28
Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,” usho uJehova, “ngokuba nginawe, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda; kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.”
← Chapter 45
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 47 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50
51
52