bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Jeremiah 48
Jeremiah 48
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 47
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 49 →
1
NgoMowabi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Wo kulo iNebo, ngokuba lichithekile, iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe; iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.
2
Udumo lukaMowabi alusekho; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi: Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa, inkemba ikulandele.
3
Izwi lokukhala livela eHoranayimi, ukuchithwa nokuqothulwa okukhulu.
4
UMowabi uchithekile; abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.
5
Ngokuba bakhuphuka egqumeni laseLuthite, bekhala njalo, nasekwehleni ukuya eHoronayimi bezwile usizi lokukhala kwencithakalo.
6
Balekani, nisindise ukuphila kwenu, nibe njengesihlahla esiyize ehlane.
7
Ngokuba ngenxa yokwethemba kwakho imisebenzi yakho nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.
8
Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakuchithwa, ithafa liqothulwe, njengalokho uJehova eshilo.
9
Nikani uMowabi amaphiko, ngokuba uyakundiza, aphume; imizi yakhe iyakuba yincithakalo, kungabikho osahlala kuyo.
10
“Makaqalekiswe owenza umsebenzi kaJehova ngokunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.
11
“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe, uphumulile enhleseni yakhe, kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.
12
Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayo abayakumthambeka, bazithulule izitsha zakhe, baziphohloze izimvaba zakhe.
13
UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.
14
“Ningasho kanjani ukuthi: ‘Singamaqhawe namadoda anamandla okulwa’ na?
15
Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.
16
“Ingozi kaMowabi iseduze ukufika, usizi lwakhe lushesha kakhulu.
17
Nina nonke enimzungezayo manimkhalele; nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi: ‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!’
18
“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.
19
Yima endleleni, uqaphele wena ohlezi e-Aroweri, ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi: ‘Kwenze njani na?’
20
UMowabi ujabhile, uphelile amandla; hhewulani, nikhale, nikwazise e-Arinoni ukuthi uMowabi uchithiwe.
21
Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa: iHoloni, neJahasi, neMefahati,
22
neDiboni, neNebo, neBeti Dibilatayimi,
23
neKiriyatayimi, neBeti Gamuli, neBeti Mehoni,
24
neKeriyote, neBosira, nemizi yonke yezwe lakwaMowabi ekude noma eseduze.
25
Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe, ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.
26
“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova; uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.
27
U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?
28
Shiyani imizi, nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi, nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.
29
Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu, ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.
30
Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova; “amacebo akhe ayinkohliso, nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.
31
Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi, ngikhale ngaye wonke uMowabi, balilisele amadoda aseKhiri Heresi.
32
Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri; amagatsha akho adlulile ulwandle, afinyelela elwandle lwakwaJazeri; umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.
33
Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini nasezweni lakwaMowabi; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.
34
“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.
35
Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova, “yena onikela ezindaweni eziphakemeyo noshisela onkulunkulu bakhe impepho.
36
“Ngalokho inhliziyo yami ikhalela uMowabi njengemitshingo, futhi inhliziyo yami ikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo, ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.
37
Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla, nazo zonke izilevu zigundiwe; zonke izandla zisikiwe, nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.
38
Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela, ngokuba ngimaphulile uMowabi njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.
39
“Yeka ukuphela kwakhe amandla. Hhewulani! Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni, uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandla kubo bonke abamzungezayo.”
40
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, uyandiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.
41
Imizi inqotshiwe, nezinqaba zithathiwe; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.
42
UMowabi uyakuchithwa, angabe esaba yisizwe, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.
43
Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwabakhileyo kwaMowabi,” usho uJehova.
44
“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini, okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo, phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.
45
“Emthunzini waseHeshiboni ababalekileyo bayema bephelile amandla, ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni, nelangabi phakathi kweSihoni; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.
46
Maye kuwena Mowabi! Abantu bakaKemoshi baphelile, ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.
47
Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabi ngezinsuku ezizayo,” usho uJehova. Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.
← Chapter 47
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 49 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50
51
52