bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Job 30
Job 30
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 29
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 31 →
1
“Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.
2
Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani, abantu abaphelile iziphika, na?
3
Bondile ngokuswela nangendlala; baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.
4
Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni; izimpande zezinwele zingukudla kwabo.
5
Bayaxoshwa phakathi kwabantu; bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6
Bahlala ezigodini ezesabekayo, nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7
Bayakhonya phakathi kwezihlahla; phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8
bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.
9
“Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.
10
Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11
Bakhululile imichilo yabo, bangithobisa; balahlile itomu phambi kwami.
12
Ngakwesokunene kuvuka amachwensa; agudlumeza izinyawo zami, anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
13
Achitha umkhondo wami; asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.
14
Angena kungathi ngesikhala esibanzi; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.
15
Ingebhe ithululwa phezu kwami; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.
16
“Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.
17
Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.
18
Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele; unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.
19
Ungiphonsile odakeni; sengifana nothuli nomlotha.
20
“Ngikhala kuwe, kepha awungiphenduli; ngimi lapha, uyangibuka nje.
21
Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22
Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23
Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24
“Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni, akhale uma esengozini, na?
25
Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
26
Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
27
Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli; izinsuku zosizi zingehlele.
28
Ngihamba ngimnyama, kungenziwanga yilanga; ngisukuma ebandleni ngikhala.
29
Ngingumfowabo wamakhanka, nomngane wezintshe.
30
Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.
31
Ihabhu* lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.
← Chapter 29
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 31 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42