bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Job 37
Job 37
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 36
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 38 →
1
“Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo.
2
Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3
Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu, nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.
4
Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.
5
UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6
Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithika emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7
Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
8
Seziya izilwane ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.
9
Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso, namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
10
Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane, ububanzi bamanzi buqine.
11
Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.
12
Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakhe ukuba enze konke awayalayo ebusweni bomhlaba owakhiweyo,
13
awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.
14
“Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
15
Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani, enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?
16
Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,
17
wena ozingubo zakho zifudumala, lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?
18
Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?
19
Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.
20
Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na? Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?
21
Manje, abantu abanakukubona ukukhanya okukhazimula esibhakabhakeni, lapho umoya usudlulile, wasihlanza.
22
Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23
USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
24
Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”
← Chapter 36
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 38 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42