bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Job 36
Job 36
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 35
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 37 →
1
U-Elihu waqhubeka wathi:
2
“Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa, ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.
3
Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.
4
Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini.
5
“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.
6
Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.
7
Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.
8
Uma beboshwa ngamaketanga, babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,
9
uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile.
10
Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.
11
Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.
12
Kepha uma bengalaleli, bayakuphela ngenkemba, bafe bengenalwazi.
13
“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.
14
Bafa besebasha, ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.
15
Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.
16
“Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.
17
Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.
18
Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.
19
Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?
20
Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.
21
Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.
22
“Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?
23
Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?
24
Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.
25
Bonke abantu bayazibona; abokufa bayazibuka besekude.
26
Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.
27
“Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;
28
amafu awenza ukuba aconse, awathele phezu kwabantu abaningi.
29
Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?
30
Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye; uyasibekela ubuphansi bolwandle.
31
Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.
32
Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya, akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.
33
Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.
← Chapter 35
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 37 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42