bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Matthew 11
Matthew 11
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 12 →
1
Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.
2
Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,
3
wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
4
UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi:
5
Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
6
ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”
7
Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?
8
Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi.
9
Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi.
10
Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’
11
“Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.
12
Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga.
13
Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane.
14
Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika.
15
Onezindlebe makezwe.
16
“Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi:
17
‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’
18
“Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’
19
INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.”
20
Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi:
21
“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.
22
Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.
23
Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.
24
Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”
25
Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;
26
yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
27
“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.
28
“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
29
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.
30
Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28