bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Matthew 28
Matthew 28
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
1
Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.
2
Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo.
3
Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane.
4
Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo.
5
Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;
6
kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.
7
Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.”
8
Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe.
9
Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye.
10
Khona uJesu wathi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.”
11
Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo.
12
Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi,
13
bathi: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.
14
Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.”
15
Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.
16
Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;
17
sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.
18
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;
19
ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,
20
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28