bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Matthew 19
Matthew 19
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 20 →
1
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani.
2
Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa khona.
3
Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”
4
Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,
5
wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na?
6
Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
7
Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”
8
Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.
9
Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”
10
Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.”
11
Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo.
12
Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.”
13
Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; kepha abafundi babakhuza.
14
UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”
15
Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.
16
Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”
17
Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”
18
Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;
19
yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
20
Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?”
21
UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
22
Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.
23
Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.
24
Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
25
Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?”
26
Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
27
Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?”
28
Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
29
Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.
30
Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 20 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28