bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Chronicles 19
1 Chronicles 19
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 20 →
1
Kwathi emveni kwalokho uNahashi, inkosi yakwa-Amoni, wakhothama, indodana yakhe yabusa esikhundleni sakhe.
2
UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethumela izithunywa ukuba ziyomduduza ngokulahlekelwa nguyise. Izinceku zikaDavide zafika kwa-Amoni kuHanuni, zamduduza.
3
Kepha izikhulu zakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Ngabe ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza, ngokuba ehlonipha uyihlo na? Akazithumelanga yini izinceku zakhe ukuba zizohlola izwe nokuba ziwuqumbe phansi umbuso wakho na?”
4
UHanuni wayesezibamba izinceku zikaDavide, waziphuca amakhanda nezilevu, wasika izingubo zazo kwaze kwaba sezinqeni, wayesezikhomba indlela.
5
Bahamba bamazisa uDavide ngalawo madoda. Wayesethumela ukuba ahlangatshezwe, ngokuba ayenamahloni kakhulu. Yathi inkosi: “Hlalani eJerikho zize zihlume izilevu zenu, bese niyabuya-ke.”
6
Abantu bakwa-Amoni babona ukuthi bazithele ngesigcwagcwa kuDavide. UHanuni nabakwa-Amoni bathumela amathalenta esiliva ayinkulungwane ukuba baqashe izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, e-Aramu Mahakha, naseZobha.
7
Baqasha izinqola eziyizi-32 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo beza bakanisa phambi kweMedebha. Abakwa-Amoni babuthana bephuma emizini yabo; beza ukuzokulwa.
8
UDavide wezwa ngalokho, wathumela uJowabe nayo yonke impi namabutho angamaqhawe.
9
Abakwa-Amoni baphuma bayihlela impi yabo belungela ukulwa ngasesangweni lomuzi, kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.
10
UJowabe esebona ukuthi impi ingaphambili nangasemva kwakhe, wakhetha amadoda kwabakhethekileyo bonke bakwa-Israyeli, wawahlela ukuze alwe nama-Aramu.
11
Abantu abaseleyo wabashiya esandleni sika-Abhishayi, umfowabo, bazihlela ukuba balwe nabakwa-Amoni.
12
Wathi: “Uma ama-Aramu eba namandla kunami, uyakuza ungihlenge, kodwa uma abakwa-Amoni beba namandla kunawe, ngizoza ngikophule.
13
Qinani, masibe nesibindi ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle akubona kufanele.”
14
UJowabe namabutho ayenaye basondela kuma-Aramu ukuba balwe nawo, kodwa wona acela empunzini.
15
Abakwa-Amoni babona ukuthi ama-Aramu acele empunzini, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, umfowabo waya emzini. UJowabe waya eJerusalema.
16
Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe ngu-Israyeli, athuma izithunywa, akhipha ama-Aramu ayengaphesheya komfula noShofakhi, umkhuzi wempi kaHadadezeri, phambi kwawo.
17
UDavide wabikelwa ngalokho, wayeseqoqa wonke u-Israyeli, bawela iJordani, bafika kuwo; wase eyihlela impi, walwa nawo.
18
Ama-Aramu abaleka phambi kuka-Israyeli. UDavide wabulala ama-Aramu ayizi-7 000 ayegibele ezinqoleni, nemigundatshani eyizi-40 000, wabulala noShofaki, umkhuzi wempi.
19
Izinceku zikaHadadezeri zabona ukuthi zehluliwe ngu-Israyeli, zenza ukuthula noDavide, zamkhonza. Ama-Aramu awaphindanga afuna ukusiza abakwa-Amoni.
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 20 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29