bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Chronicles 22
1 Chronicles 22
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 21
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 23 →
1
UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”
2
UDavide wayala ukuba kuqoqwe bonke abafokazi ababekwa-Israyeli, wabeka ababazi bamatshe ukuba babaze amatshe axhoziweyo, ukuze kwakhiwe indlu kaNkulunkulu.
3
UDavide waqokelela nensimbi eningi yokwenza izipikili zeminyango nezamasango nezokuhlanganisa ithusi eliningi elisisindo salo singenakulinganiswa,
4
nemisedari engenakubalwa, ngokuba abaseSidoni nabaseThire babemlethele imisedari eminingi uDavide.
5
UDavide wathi: “USolomoni, indodana yami, usengumfana, akakaqini ukuba angakhela uSimakade indlu, ngokuba indlu okumele yakhelwe uSimakade kumele ibe yinhle kakhulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni wonke; ngakho-ke ngizakuqala mina ukuyilungiselela.” UDavide wayilungiselela kakhulu engakafi.
6
Wayesebiza uSolomoni, indodana yakhe, wamyala ukuba akhele uSimakade indlu.
7
UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.
8
Kepha izwi likaSimakade lathi kimi: ‘Uchithe igazi eliningi, waphaka izimpi eziningi, ngalokho awuyukulakhela igama lami indlu, ngokuba liningi igazi olichithe emhlabathini phambi kwami.
9
Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.
10
Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’
11
“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.
12
Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.
13
Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.
14
“Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.
15
Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, izisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:
16
eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”
17
UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukuba zimelekelele uSolomoni, wathi:
18
“USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.
19
Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”
← Chapter 21
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 23 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29