bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Chronicles 2
1 Chronicles 2
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 3 →
1
Nanka amadodana ka-Israyeli: uRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uZebuloni,
2
uDani, uJosefa, uBhenjamini, uNafethali, uGadi no-Asheri.
3
Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala.
4
UThamari, umalokazana wakwakhe, wamzalela uPherezi, noZera. Esewonke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5
Amadodana kaPherezi: uHezironi noHamule.
6
Amadodana kaZera: uZimri, u-Ethani, uHemani, uKhalikholi noDara; esewonke ayeyisihlanu.
7
Amadodana kaKharmi: u-Akhari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8
Indodana ka-Ethani: u-Azariya.
9
Amadodana kaHezironi awazalelwayo: uJerameli, uRamu noKhelubhayi.
10
URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabakwaJuda;
11
uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBhowazi;
12
uBhowazi wazala u-Obhede; u-Obhede wazala uJese.
13
UJese wazibula ngo-Eliyabe, owesibili kwaba ngu-Abhinadaba, owesithathu kwaba nguShimeya,
14
owesine kwaba nguNethaneli, owesihlanu kwaba nguRadayi,
15
owesithupha kwaba ngu-Osemi, owesikhombisa kwaba nguDavide;
16
odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.
17
U-Abhigayili wazala u-Amasa. Uyise ka-Amasa kwakunguJetheri, umIshmayeli.
18
UKhalebhi, indodana kaHezironi, wazala ku-Azuba, umkakhe, nakuJeriyothi; nanka amadodana akhe: uJesheri, uShobhabhi no-Aridoni.
19
Esefile u-Azuba; uKhalebhu wathatha u-Efrathi, wamzalela uHure.
20
UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBhezaleli.
21
Kwathi sekwedlule isikhathi, uHezironi wangena indodakazi kaMakhiri, uyise kaGileyadi. Wamthatha eseneminyaka engama-60, wamzalela uSegubhi.
22
USegubhi wazala uJayire, owayenemizi engama-23 kwaGileyadi.
23
UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.
24
Emva kokufa kukaHezironi eKhalebhu Efratha, u-Abhiya, umkaHezironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25
Amadodana kaJerameli, izibulo likaHezironi, kwakunguRamu izibulo, elanywe ngoBhuna, u-Oreni, u-Osemi no-Ahiya.
26
UJerameli wayenomunye umfazi, igama lakhe kungu-Athara; engunina ka-Onamu.
27
Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, kwakunguMahazi, uJamini no-Ekheri.
28
Amadodana ka-Onamu kwakunguShamayi noJada. Amadodana kaShamayi: kwakunguNadabi no-Abhishuri.
29
Igama lomka Abhishuri kwakungu-Abhihayili, wamzalela u-Ahibhani noMolidi.
30
Amadodana kaNadabi: uSeledi no-Aphayimi; uSeledi wafa engenantwana.
31
Indodana ka-Aphayimi: kwakungu-Ishi. Indodana ka-Ishi: kwakunguSheshani. Indodana kaSheshani: kwakungu-Ahilayi.
32
Amadodana kaJada, umfowabo kaShamayi: kwakunguJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenamntwana.
33
Amadodana kaJonathani: kwakunguPhelethi noZaza. Laba babengamadodana kaJerameli.
34
USheshani wayengenamadodana, enamadodakazi wodwa. USheshani wayenenceku eyayivela eGibhithe, igama layo kunguJariha.
35
USheshani waganisela uJariha, inceku yakhe, indodakazi yakhe, ukuba ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi.
36
U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabhadi.
37
UZabhadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obhede.
38
U-Obhede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya.
39
U-Azariya wazala uHelezi; uHelezi wazala u-Eleyasa.
40
U-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi,
41
uShalumi wazala uJekhamiya; uJekhamiya wazala u-Elishama.
42
Amadodana kaKhalebhu, umfowabo kaJerameli: kwakunguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebhroni.
43
Amadodana kaHebhroni: kwakunguKhora, uThaphuwa, uRekemi noShema.
44
UShema wazala uRahamu, uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi.
45
Indodana kaShamayi: kwakunguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBhethi Zuri.
46
U-Efa, isancinza sikaKhalebhu, wazala uHarana, uMoza, noGazezi; uHarana wazala uGazezi.
47
Amadodana kaJadayi: kwakunguRegemi, uJothamu, uGeshani, uPhelethi, u-Efa noShahafi.
48
UMahakha, isancinza sikaKhalebhu, wazala uShebheri noThirihana.
49
Wazala noShahafi, uyise kaMadimana, uSheva, uyise kaMakhibhena, noyise kaGibheya. Indodakazi kaKhalebhu kwakungu-Akhisa.
50
Nampa ababengabozalo lukaKhalebhu: amadodana kaHure, izibulo lika-Efratha: kwakunguShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi,
51
uSalima uyise kaBhethlehema, noHarefi uyise kaBhethi Gaderi.
52
UShobhali, uyise kaKiriyathi Jeharimi, wayenalawa madodana: oHarowe nengxenye kaMenuhothi.
53
Imindeni kaKiriyathi Jeharimi kwakungamaJetheri, amaPhuthi, amaShumathi namaMishirayithi; kubo kwavela amaZorathi nama-Eshithawoli.
54
Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori.
55
Imindeni yababhali ababehlala eJabhezi: ngamaThirathi, amaShimeyathi namaSukhathi. Laba babengamaKheni ayevela kuHamathi, uyise wendlu kaRekhabhi.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29