bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Chronicles 7
1 Chronicles 7
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 8 →
1
Amadodana ka-Isakhare: kwakunguThola, uPhuwa, uJashubhi noShimroni; esewonke ayemane.
2
Amadodana kaThola: kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahemayi, u-Ibhisamu, noShemuweli. Babeyizinhloko zezindlu zokhokho babo, abakwaThola, bengamaqhawe anamandla ngezizukulwane zabo. Ubuningi babo ngesikhathi sikaDavide babeyizi-22 600.
3
Indodana ka-Uzi: kunguJizirahiya. Amadodana kaJizirahiya: kwakunguMikhayeli, u-Obhadiya, uJoweli noJishiya; eyisihlanu esewonke futhi wonke eyizinhloko.
4
Kuwo kwakukhona amabutho ngamaviyo awo, ezizukulwaneni zezindlu zokhokho bawo. Kwakungamabutho ayizi-36 000, ngokuba babenabafazi abaningi namadodana amaningi.
5
Abakwa-Isakhare ngokwemindeni babeyizi-87 000, bengamaqhawe, futhi bonke bebhalwe ngezizukulwane zabo.
6
Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri noJediyayeli; emathuthu esewonke.
7
Amadodana kaBhela: kwakungu-Eshibhoni, u-Uzi, u-Uziyeli, uJeremothi, no-Iri, eyisihlanu esewonke. Ayeyizinhloko zezindlu zawoyise, engamaqhawe anamandla, ayeyizi-22 034, wonke ebhalwe ngokwezizukulwane zawo.
8
Amadodana kaBhekheri: kwakunguZemira, uJowashi, u-Eliyezeri, u-Eliyohenayi, u-Omri, uJeremothi, u-Abhiya, u-Anathothi no-Alemethi. Bonke laba abangenhla kwakungamadodana kaBhekheri.
9
Abhalwa ngokwezizukulwane zawo, eyizinhloko zezindlu zokhokho bawo, engamaqhawe anamandla, eyizi-20 200.
10
Indodana kaJediyayeli: kwakunguBhilihani. Amadodana kaBhilihani: kunguJewushe, uBhenjamini, u-Ehudi, uKhenahana, uZethani, uTharishishi no-Ahishahari.
11
Bonke laba babengamadodana kaJediyayeli, beyizinhloko zezindlu zawoyise, bengamaqhawe anamandla, beyizi-17 000 abase bekulungele ukuphuma impi.
12
Amadodana ka-Iri: kwakunguShuphimi noHuphimi. UHushimi eyindodana ka-Aheri.
13
Amadodana kaNafethali: kwakunguJaziyeli, uGuni, uJezeri noShalumi, amadodana kaBhiliha.
14
Amadodana kaManase: kwakungu-Asiriyeli ayemzalelwe isancinza sakhe, umAramukazi, sazala noMakhiri uyise kaGileyadi.
15
UMakhiri wathathela uHuphimi noShuphimi abafazi, udadewabo kwakunguMahakha. Igama lowesibili kwakunguZelofehadi. UZelofehadi wayenamadodakazi wodwa.
16
UMahakha, umkaMakhiri, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguPhereshi; igama lomfowabo kunguShereshi; amadodana akhe kungu-Ulamu noRakhemi.
17
Indodana ka-Ulamu: kunguBhedani. Labo babengabozalo lukaGileyadi kaMakhiri kaManase.
18
Udadewabo, uHamolekhethi, wazala u-Ishihodi, u-Abhiyezeri noMahela.
19
Amadodana kaShemida: kwakungu-Ahiyani, uShekhemi, uLikhihi no-Aniyamu.
20
Abozalo luka-Efrayimi: kwakunguShuthela, uBheredi, uThahathi, u-Eleyada uThahathi,
21
uZabhadi, uShuthela, u-Ezeri no-Eleyadi, babulawa ngabantu baseGathi ababezelwe kulelo lizwe, ngokuba behla ukuzothatha imfuyo yabo.
22
U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza bamduduza.
23
Walala nomkakhe, wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguBheriya, ngokuba wathi indlu yakhe beyehlelwe yinhlekelele.
24
Indodakazi yakhe kwakunguSheyera owakha iBhethi Horoni eZansi naseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
25
Indodana yakhe kwakunguRefa, uThela, uThahani,
26
uLadani, u-Amihudi, u-Elishama,
27
uNuni, noJoshuwa.
28
Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBhethele nemizana yalo, ngasempumalanga kuyiNaharani, ngasentshonalanga kuyiGezeri nemizana yalo, iShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;
29
ngasemingceleni yabakwaManase kuyiBhethi Sheyani nemizana yalo, iThahanakhi nemizana yalo, iMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo ndawo kwahlala abakwaJosefa, indodana ka-Israyeli.
30
Amadodana ka-Asheri: kwakunguJimna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, nodadewabo uSera.
31
Amadodana kaBheriya: kunguHebhere, noMalikhiyeli owayenguyise kaBhirizayithi.
32
UHebhere wazala uJafelethi, uShomeri, uHothamu, noShuwa, udadewabo.
33
Amadodana kaJafelethi: kwakunguPhasakhi, uBhimihali, no-Ashivathi. Laba kwakungamadodana kaJafelethi.
34
Amadodana kaShemeri: kwakungu-Ahi, uRohiga, uJehuba no-Aramu.
35
Amadodana kaHelemi, umfowabo: kunguZofa, uJimna, uSheleshi no-Amali.
36
Amadodana kaZofa: kwakunguShuwa, uHarineferi, uShuhali, uBheri no-Imra,
37
uBhezeri, uHodi, uShama, uShilisha, u-Ithrani noBheyera.
38
Amadodana kaJetheri: kwakunguJefune, uPhisipha no-Ara.
39
Amadodana ka-Ula: kungu-Ara, uHaniyeli noRiziya.
40
Bonke laba babengabozalo luka-Asheri, izinhloko zezindlu zokhokho, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zabaholi. Inani labo sebebonke elibhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini, kwakungamabutho ayizi-26 000.
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 8 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29