bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Numbers 19
Numbers 19
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 20 →
1
USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi:
2
“Lokhu kuyisimiso somthetho uSimakade ayale ngaso ukuba usitshele abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Mabalethe kuwe isithole esibomvu esingenasici, esingasoleki, esingakaze siboshelwe ejokeni,
3
basinike u-Eleyazare umphristi, yena asikhiphele ngaphandle kwenkambu, asihlabe phambi kwakhe.
4
U-Eleyazare umphristi, uyothatha igazi laso ngomunwe wakhe, achinse ngalo kasikhombisa ngaphambi kwethende lokuhlangana.
5
Isithole uyosishisa phambi kwakhe, nesikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, nomswani waso.
6
Umphristi uyothatha umsedari, ihisophi, nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.
7
Umphristi uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi ngaphambi kokuyongena enkanjini; abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
8
Oshisa leso sithole uyohlanza izingubo zakhe ngamanzi, ageze nomzimba wakhe, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.
9
“ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono.
10
Obutha umlotha wesithole uyakuhlanza izingubo zakhe, abe ngongcolileyo kuze kube kusihlwa. Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubantu bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobele phakathi kwabo.
11
“ ‘Othinta isidumbu sanoma yimuphi umuntu uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.
12
Uyozihlambulula ngamanzi ngosuku lwesithathu, ngosuku lwesikhombisa uyakuhlambuluka. Kodwa uma engazihlambululanga ngawo ngosuku lwesithathu, akayukuhlambuluka ngosuku lwesikhombisa.
13
Yilowo nalowo othinta isidumbu somuntu ofileyo, angazihlambululi ekungcoleni, uyongcolisa ithabanakeli likaSimakade. Lowo muntu uyonqunywa kwa-Israyeli, lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, uyakuhlala engongcolile; ukungcola kwakhe kungasuki kuye.
14
“ ‘Nanku umthetho uma umuntu efela ethendeni: yilowo nalowo ongena ethendeni nalowo osethendeni uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.
15
Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.
16
“ ‘Yilowo nalowo othinta obulewe ngenkemba endle, noma ozifele nje, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolileyo izinsuku eziyisikhombisa.
17
“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo bakuthele ndawonye esitsheni,
18
umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.
19
Ohlambulukileyo uyofafaza ongahlambulukile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, amhlambulule ngosuku lwesikhombisa, bese ehlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke ngakusihlwa.
20
Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.
21
Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; lowo oyofafaza amanzi okuhlambulula, uyakuhlanza izingubo zakhe, nalowo othinta amanzi okuhlambulula uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.
22
Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 20 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36