bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Numbers 28
Numbers 28
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 29 →
1
USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’
3
Uyothi kubo: ‘Nanku umnikelo womlilo eniyonikela ngawo kuSimakade: izimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.
4
Enye imvu uyonikela ngayo ekuseni, enye kusihlwa.
5
Uyonikela nokweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu, oxovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiweyo.
6
Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni iSinayi ukuze ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.
7
Umnikelo wawo wokuphuzwayo uyokuba ngokwesine kwehini ngemvu eyodwa. Umnikelo wesiphuzo esinamandla uyothululelwa uSimakade endaweni engcwele.
8
Enye imvu uyonikela ngayo kusihlwa. Uyonikela ngayo njengomnikelo wokusanhlamvu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwayo, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.
9
“ ‘Ngosuku lweSabatha niyonikela ngezimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu oxovwe namafutha nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
10
Lo ngumnikelo oyoshiswa njalo ngeSabatha, wengeze phezu komnikelo wokushiswa wemihla ngemihla nowokuphuzwayo ohambisana nawo.
11
“ ‘Njalo ngosuku lokwethwasa kwenyanga, niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa. Kuyoba ngamaduna amabili emhlanjini, inqama, amazinyane ayisikhombisa anonyaka, futhi angenasici.
12
Niyonikela ngokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ibe ngumnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha ngalelo nalelo duna. Niyonikela ngokweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wokusanhlamvu oxovwe namafutha nenqama.
13
Niyonikela ngokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kuyoba ngumnikelo wokusanhlamvu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.
14
Umnikelo wabo wokuphuzwayo uyokuba yingxenye yehini lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke, kuzo zonke izinyanga zonyaka.
15
Nempongo iyoba ngumnikelo wesono kuSimakade; kuyonikelwa ngayo nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
16
“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.
17
Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga, kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
18
Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.
19
Niyonikela kuSimakade ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye, futhi ezingenasici.
20
Niyonikela ngomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, niyonikela ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama.
21
Niyonikela ngokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,
22
nempongo ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana.
23
Niyonikela ngalokho nomnikelo oshiswa ekuseni, ongumnikelo oshiswa imihla yonke.
24
Niyonikela kanjalo imihla yonke kube izinsuku eziyisikhombisa; isinkwa somnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi kuSimakade. Kuyonikelwa ngakho, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
25
Ngosuku lwesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.
26
“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.
27
Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye.
28
Niyonikela ngomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu exovwe namafutha, okuthathu eshumini ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama,
29
nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa,
30
nempongo, ukunenzela ukubuyisana.
31
Niyonikela ngazo, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla ngemihla nomnikelo wawo wokusanhlamvu, zibe ngezingenasici, neminikelo yazo yokuphuzwayo.
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 29 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36