bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Numbers 30
Numbers 30
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 29
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 31 →
1
UMose wayesekhuluma nabaholi bezizwana zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu angiyale ngakho uSimakade:
2
‘Uma umuntu enza isifungo kuSimakade, noma enza isifungo ezibophezela ngaso, akayukulaphula izwi lakhe. Uyokwenza njengalokho akukhulume ngomlomo wakhe.
3
“ ‘Uma owesifazane enza isifungo kuSimakade, noma enze isifungo ezibophezela ngaso, esahlala ekhaya likayise, esemusha;
4
kuyothi uma uyise ezwa ngesifungo azibophezele ngaso, kodwa angasho lutho kuye ngaso, zonke izifungo zakhe ziyohlala zinjalo, zingaguquki, nanoma izithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo, azinakuguquka.
5
Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele.
6
“ ‘Uma egana, emveni kokuba enze izifungo noma esheshe wakhuluma wazibophezela,
7
umyeni wakhe ezwe ngazo, kodwa angasho lutho kuye ngosuku ezwe ngalo, izifungo azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo nezithembiso azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo.
8
Kepha uma indoda yakhe imelana nakho ngosuku ekuzwa ngalo, uyakuzephula izifungo ayezibophezele ngazo, noma lokho asheshe wakukhuluma ngomlomo wakhe wazibophezela ngakho; uSimakade uyakumthethelela.
9
“ ‘Isithembiso somfelokazi noma esolahlwe yindoda, konke azibophezele ngakho, kuyohlala kunjalo kuye.
10
“ ‘Uma owesifazane enza isifungo esemzini wendoda ayiganile, noma ezibophezela ngaso,
11
bese indoda yakhe izwa ngalokho, qede ingasho lutho kuye, ingamenqabeli; zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo ziyohlala zinjalo, aziyukuguquka.
12
Kodwa uma indoda yakhe kuthi ngosuku ezwa ngalo, ikwenze ize konke okwaphuma emlonyeni wakhe mayelana nezifungo zakhe nangesibopho sakhe, akuyukuhlala kunjalo, ngokuba indoda yakhe ikwenze ize; uSimakade uyomthethelela.
13
Zonke izifungo nazo zonke izithembiso azibophezele ngazo ukuzithobisa, indoda yakhe iyakuziqinisa, noma iziqede.
14
Kodwa uma indoda yakhe ithulile ayasho lutho kuye, kwadlula izinsuku ngezinsuku, iyaziqinisa zonke izifungo zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile ngosuku eyezwa ngalo.
15
Kepha uma izenze ize mhla izwa ngazo, iyolithwala icala lakhe.’ ”
16
Yilezo izimiso, uSimakade ayala ngazo uMose, eziyoba phakathi kwendoda nomkayo, uyise nendodakazi engaganile esahlala kubo.
← Chapter 29
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 31 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36