bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Numbers 35
Numbers 35
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 34
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 36 →
1
USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi:
2
“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke.
3
Imizi iyoba ngeyabo ukuba bahlale kuyo, namadlelo ezinkomo zabo abe yimpahla yabo, nawezilwane zonke zabo.
4
“Amadlelo emizi eniyowanika abaLevi ayosuka ogangeni lomuzi, amakhubhithi ayinkulungwane, nxazonke.
5
Umuzi niyakuwulinganisa ngaphandle kanje: ngasempumalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, eningizimu, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, entshonalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000 nangasenyakatho, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000; umuzi ube phakathi. Lokho kuyoba ngamadlelo emizi yabo.
6
“Imizi eniyoyinika abaLevi iyoba yimizi eyisithupha yokuphephela, lapho umbulali eyobalekela khona ukuba aphephe kuyo. Ngaphandle kwayo, niyobanika imizi engama-42.
7
Isiyonke imizi eniyoyinika abaLevi iyoba ngama-48, namadlelo ayo.
8
Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”
9
USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
10
“Tshela abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani, ningena eKhanani,
11
niyoqoka imizi yokuphephela lapho umbulali obulale umuntu ngokungeyona inhloso eyobalekela khona.
12
Kini iyokuba yimizi yokuphephela kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.
13
Imizi eniyobanika yona ibe ngeyokuphephela, iyokuba yisithupha.
14
Niyoqoka imizi emithathu phesheya kweJordani, niqoke eminye emithathu eKhanani ibe yimizi yokuphephela.
15
Le mizi iyokuba ngeyokuphephela kubantu bakwa-Israyeli, kumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulala umuntu ngokungenhloso abalekele kuyo.
16
“ ‘Uma umuntu eshaya omunye ngokwakhiwe ngensimbi afe, ungumbulali; impela umbulali uyobulawa.
17
Uma emshaya ngetshe aliphethe ngesandla, aze afe, ungumbulali; umbulali uyobulawa.
18
Uma ephethe isikhali sokhuni amshaye ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali uyobulawa.
19
Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.
20
Noma ngubani okuthi ngokuzonda omunye bese emdudula noma amcuthele, amjikijele ngokuthile, afe,
21
noma ngobutha, amshaye ngesibhakela, aze afe; ungumbulali. Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.
22
“ ‘Uma umuntu engazelele, ethuka sekungqubuzeka omunye kodwa engamzondi, noma emjikijela ngokuthile engamqamekelanga,
23
noma ngetshe elingambulala, engahlosile liwele kuye, afe, engeyiso isitha sakhe, futhi ebengahlose kumlimaza,
24
inhlangano iyokwehlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi, ilandela lezi zehlulelo.
25
Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.
26
“ ‘Uma kwenzeka umbulali eqa umngcele womuzi wokuphephela lapho ebalekele khona,
27
aficwe ngumphindiseli wegazi ngaphandle kwemingcele yomuzi wokuphephela, bese umphindiseli embulala umbulali, akayukuba nacala legazi,
28
ngokuba umbulali kufanele ahlale emzini wokuphephela kuze kufe umphristi omkhulu. Kodwa emva kokufa komphristi omkhulu, umbulali angabuyela ezweni eliyifa lakhe.
29
“ ‘Lokho kuyoba yisimiso sokwehlulela kini, nasezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
30
“ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.
31
“ ‘Aniyukuthatha nhlawulo ukuze nisindise umbulali onecala okufanele afe ngenxa yalo, umbulali kufanele abulawe.
32
“ ‘Aniyukuyithatha inhlawulo kumuntu obalekele emzini wokuphephela, ukuze obhacile abuye azohlala ezweni, engakafi umphristi omkhulu.
33
“ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile.
34
Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba Mina Simakade ngihlala phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”
← Chapter 34
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 36 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36