bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Ecclesiastes 10
Ecclesiastes 10
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 11 →
1
Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.
2
Inhliziyo yohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe, kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.
3
Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula, siyaphela ingqondo, sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
4
Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
5
Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, bunjengephutha elivela kumbusi:
6
ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7
Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi, nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8
Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9
Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10
Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11
Uma inyoka iluma ingakalunjwa, umlumbi akasizi lutho.
12
Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13
Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula, nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14
Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?
15
Umshikashika weziwula uyaziqoba, ukuze zingazi nokuya emzini.
16
Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17
Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.
18
Ngobuvila obukhulu indlu iyabola, nangokwenqena kwezandla iyavuza.
19
Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.
20
Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho, ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala, ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi, nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 11 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12