bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Ecclesiastes 12
Ecclesiastes 12
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
1
Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;”
2
yebo, lingakabi mnyama ilanga, nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,
3
ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,
4
iminyango ivalwe esitaladini, lapho umsindo wokusila uncipha, umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;
5
nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;
6
yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva, nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa, nembiza ingakafi ngasemthonjeni, nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,
7
uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.
8
“Ize leze,” usho uMshumayeli, “konke kuyize.”
9
Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.
10
UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.
11
Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.
12
Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.
13
Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14
Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12