bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Ecclesiastes 6
Ecclesiastes 6
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 7 →
1
Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga ukuthi bunzima phezu kwabantu:
2
umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo, nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo, uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi; lokho kuyize, kuyisifo esibi.
3
Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,
4
ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama.
5
Nelanga akulibonanga, akwazi lutho; khona kunokuphumula kunaye.
6
Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?
7
Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe, nokho iphango alaneliswa.
8
Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula, nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?
9
Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso; nalokhu kuyize nokufuna umoya.
10
Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.
11
Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?
12
Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 7 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12