bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Ecclesiastes 4
Ecclesiastes 4
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 5 →
1
Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.
2
Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona,
3
kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.
4
Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
5
Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.
6
Kungcono ukhweshe lokuthula kunezandla zombili zigcwele umshikashika kanye nokufuna umoya.
7
Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:
8
Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi.
9
Kungcono ababili kunoyedwa, ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.
10
Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa!
11
Futhi uma ababili belele ndawonye, banokufudumala, kepha oyedwa angafudumala kanjani na?
12
Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
13
Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula, engasakwazi ukuxwayiswa,
14
ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu.
15
Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe;
16
kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12