bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Hebrews 10
Hebrews 10
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 11 →
1
Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;
2
uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.
3
Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;
4
ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.
5
Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.
6
Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga.
7
Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza – emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami – ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”
8
Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,
9
ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili.
10
Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.
11
Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;
12
kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
13
usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.
14
Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.
15
Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:
16
“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe engqondweni yabo,
17
nezono zabo nobubi babo angisoze ngakukhumbula futhi.”
18
Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.
19
Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu
20
ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe,
21
sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,
22
masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;
23
masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;
24
masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,
25
singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
26
Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,
27
kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.
28
Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu;
29
pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?
30
Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.”
31
Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.
32
Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko,
33
kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo.
34
Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.
35
Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.
36
Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.
37
Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala;
38
kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.
39
Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.
← Chapter 9
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 11 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13